Ngesonto eledlule kwamukelwe ukwaziswa okuvela eKigali, kokuthi kuye kwasungulwa isichazamazwi esisha eRwanda, esihumusha isiNgisi nesiKinyarwanda, okuwulimi oluyinhloko olukhulunywa “ezweni lamagquma ayinkulungwane.”
Izivakashi nezamabhizinisi, manje zinethuba lokucosha amagama ambalwa ngolimi lwendawo futhi, empeleni, ziqinisekisa ukuthi ziwaphimisa kahle amagama ngosizo lwesichazamazwi esisha.
Nenze kahle iFountain Publishers ngalo mzamo omangalisayo wokuthuthukisa ulimi lwendawo nokusiza ukuthi luqondwe izivakashi.